site design templates

St Martin De Porres

Do you want to be a priest

Ask yourself these questions first

  • Kuyenzeka yini ukuthi ngezinye izikhathi ngizizwe ngithanda ukusebenzela uNkuluNkulu njengomPrieste
  • Ngike ngizizwe yini ngithanda ukusiza abanye abantu babe amaKristo nokuthi basindiswe na?
  •  Ngizizwa ngijabule yini uma ngicabanga ngokuba umPriste na?
  •  Ngiyazama yini ukuphila impilo enhle yobuKhatholisa ngengomKristo na?
  •  Ngiyamukela yini iSakramente lase lathini kaningi futhi ngiyazivuma yini izono zami ngokwethembeka na?
  • Ingabe ngiyakuthanda ukusiza abantu?
  •  Ngiyaphana yini? Ngenzela abantu izinto ngingafuni ukubuyiselwa yini?
  • Nginalo yini uthando lukaNkuluNkulu enhliziyweni yami?
  •  Ngizimisele yini ukuhlala ngingashadile ngenxa yothando lukaNkuluNkulu na?

Uma uthi “Yebo”kulemibuzo, mhlawumbe uNkuluNkulu uyakubiza ukuba ube ngumPriste.

WOZA NGILANDELE

LUYINI USIKOMPILO LOMPRISTE WENDAWO YESIFUNDABHISHOBHI?

Khumbula ukuthi umPriste wendawo ugcotshelwa ukwelusa nokusiza iBandla lendawo kuzo zonke izidingo kwisiFundaBhsishobhi. uMpriste wendawo yesiFundaBhishobhi akashadi, kodwa uma phakathi enhliziyweni yomndeni wePherishi. Usikompilo lwakhe lumkhumbuza ukuthi incazelo yakhe ejulile nokugcwaliseka kutholakala ebudlelwaneni bakhe neNkosi.
UmPriste wendawo indoda yomthandazo. Ubizelwe ukuzindla kabanzi ngeBhayibheli nangosilo lamaKhatholika, ukufunda ngoNkuluNkulu. uMpriste ubizelwe ukushiya konke alandele uJesu Kristo. U-Peter wathi kuJesu: “Sishiye konke ebesinakho sakulandela. Sizotholani?”uJesu waphendula wathi: “Loyo oshiye indlu, abafowabo, odadewbo, uaba…..ngenxa yegama lami, uzokwamukela ngokuphindiwe, bese azuze ukuphila kwaphakade” (Mt 19: 27-30). 

Unganikela yini ngempilo yakho yonke ngenxa kaKristo?

Unempilo eyodwa okumele uyiphile, nethuba elilodwa lokuthi uyiphile. Qhubekela phambili, UNGESABI “NGENA EKUJULENI BESE UBA NGUMDOBI WABANTU (Lk 5: 1-11).

IKUPHI OKULANDELAYO OKUMELE UKWENZE?

1. Khuluma nomPriste wakho wepherishi.
2. Ngokusizwa ngumPriste wakho kanye nethimba lamabizelo lepherishi, kumele usebenzise ulwazi ozolunikwa.
3. Zibandakanye nabanye ngezinsuku zamabizelo ezilungiswe yiqembu lamabizelo lesiFundaBhishobhi.
4. Kumele uphase kahle kakhulu umatikuletsheni wakho (Matric) bese uba umuntu onolwazi ngempilo.
5. Emva kweminyaka emibili noma emithathu yokuzindla, abaphumelele bazothunyela esigodlweni (Seminary) iminyaka ewu-9 befunda ngokoMoy, ngokukhula komuntu emabangeni aphansi. Mese Bagogode nge B.A Degree kwiPhiloshophy neBT.h Degree kwi Theology. 

Address

J 1518 Sagwaca Street
Esikhaleni
3887
Kwazulu Natal
South Africa

Contacts

Email:
admin@esikhaleniparish.co.za

Office hours

Monday to friday
08:30 - 16:30

Priest: Fr Dennis Xulu.


Cell: 076 825 4357

Email:
Dennis.Xulu@esikhaleniparish.co.za