simple website builder

St Martin De Porres

Mission Month 2019

INYANGA YOKUTHUNYWA KWAMAKHOLWA KANYE NOKUKHULEKELA AMABIZELO AYINGCWELE

Umkhuleko

L: 

Nkosi kuyintando Yakho ukuthi kusindiswe isintu sonke.

R: 

Sikhulu isihawu sakho, iNdodana Yakho uJesu Kristo, wafela bonke. Fundisa bonke abantu ukuba bakwazi bakuthande.

L: 

Ngokholo olujulile ekufeni kukaKristo nasekuvukeni Kwakhe siyakhuleka:

R: 

Thumela Nkosi izisebenzi zakho esivinini sakho, usindise isintu.

L: 

Lizwi laphakade, Msindisi womhlaba, holela abantu bonke kuWena;

R:

Walalela kwaze kwaba sekufeni ngenxa yokusindisa isintu, ekufeni kwasonqamlezweni.

L:

Bheka ngakulo okuzalayo, uNina kaNkuluNkulu, eziNgelosini nakubaCwebileyo, bayasinxusela.

R:

Thumela Nkosi izisebenzi zakho esivinini sakho, usindise isintu.

L:

Moya oCwebileyo, ngamandla eNkosi yethu uJesu Kristo,

R:

Vuthela ezinhliziweni zethu uthando ulungenza konke, ukuze kube umhlambi munye nomalusi munye, ukuze konke kufinyelele ezulwini kuhlabelele isihawu Sakho.

L: 

Nkosikazi yabaPhostoli nani ziNgelosi nabaCwebileyo, khulekani kumninisivuno.

R: 

ukuba athumele izisebenzi esivinini Sakhe, kusindiswe isintu, ukuze abahlangene Naye, noYise noMoya oCwebileyo, kube nokwesasa ingunaphakade. Amen.

REFLECTION FOR THE WEEK-(INTSHUMAYELO EMFUSHANE)

16 October 2019
By Rev Fr Msizi Mabaso
(Priest of the Diocese of Eshowe)

Lk 10: 38-42
UJesu wangena emzaneni othile. Owesifazane ogama lakhe nguMartha, wamamukela endlini yakhe. Wayekhona udadewabo ogama lakhe nguMaria; yena-ke wahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walalela amazwi ayo. Kepha uMartha wakhwishiza emphakela. Wayesevela wathi: “Nkosi awunakile yini ukuba udadewethu angishiye ngisebenza ngedwa na? Ake umtshele ukuba angelekelele.” 

Asikhuleke:
NkuluNkulu Baba ezulwini, sihlonipha sidumisa igama lakho. Wena uwukusa nobusuku bethu, isiqalo nesiphetho sethu, konke kuyindalo yakho, siyakubonga ngosuku lwanamhlanje. Uyindlela esiyilandelayo, iqiniso elisihlengayo, ukukhanya esikudingayo, siyakubonga ngeZwi lakho elisilondayo. Nkosi Lizwi eladala umhlaba, sibonga igama lakho, usinika ubuhlakani, siyakubonga ngokusinika uthando, siyakucela manje ukuthi ube nathi, ube nathi ebuhlungwini nase mpumelelweni. Amen. 

Kuke kwenzeke uma sithi sifuna ukusebenzela uNkuluNkulu mese sifana noMartha, sike sikhohlwe ukuthi siding ukuyo hlala ezinyaweni zeNkosi njengo Maria siyolalela iZwi layo, sithole Amandla ukuze umsebenzi wayo siwenze ngobuqotho. Uma sisebenza sikhwishiza njengo Martha ngaphandle kokuthola lamandla sike sithi siyasebenza kanti asisenzi kahle, kanti sesiya xova eBandleni lika NkuluNkulu, kanti sesiya qhatha, siyahlukanisa futhi siletha uqhekeqho. Uma singahlalanga ezinyaweni zeNkosi njengo Maria sike sithi siyashumayela kanti sesi shumayela thina uqobo Hhayi iVangeli likaJesu Kristo. Uku uzwe oshumayelayo esethi ngaphambi kokuba ashumayele: “Sukuma mkami bakubone ukuthi umuhle kanjani” akuselona iZwi lika NkuluNkulu kodwa sekwelethu, ngoba asihlalanga ezinyaweni zeNkosi kuqala. 

Uma singahlalanga ezinyaweni zeNkosi, sithi sabazali kube ithini isixabanisa izingane emakhaya, kube ithina esiletha ukubukelana phansi kwezingane emakhaya. Kwesinye isikhathi sike sifune ukuzenzela ngokwethu izinto singahlali ezinyaweni zeNkosi, Mtaka Baba uthi unama Degree kodwa ungaqashwa ndawo ngoba uzenzela ngokwakho. Ubhale izivivinyo kungahambi kahle ngoba uzenzela ngawakho Amandla, awuhlalanga ezinyaweni zenkosi kuqala. Ngeke uma uyikholwa ukhulume ngoNkuluNkulu phambi kwawo wonke umuntu ungahlali kodwa kuNkuluNkulu. Ngisho iloli elihambisa uPetrol noDisiel emaGaraji nalo lidinga wona loPetrol noDisiel ukuze lihambe. Nathi sidinga yena uNkuluNkulu ukuze sishumayele ngaye.

Umzindlo: Usebenza kanjani ensimini noma esivivaneni saNkuluNkulu ungakhulumanga naye kuqala?
Asibusise njalo uNkuluNkulu. 

Address

J 1518 Sagwaca Street
Esikhaleni
3887
Kwazulu Natal
South Africa

Contacts

Email:
admin@esikhaleniparish.co.za

Office hours

Monday to friday
08:30 - 16:30

Priest: Fr Dennis Xulu.


Cell: 076 825 4357

Email:
Dennis.Xulu@esikhaleniparish.co.za